Baningi abazibuzayo ukuthi liholwa nini iqolo lenyanga ka March 2026. Ababuzayo kuba kakhulukazi yilabo abathola isibonelelo sikahulume was South Africa. Uwodwa ke uMnyango kaHulumeni okuwuwona oqondene nesibonelelo esibizwa ngeqolo ubizwa ngokuthi wu SASSA. Yingakho nje abaningi bebiza lesisibonelelo ngokuthi yi SASSA.
Liholwa Nini Iqolo Ngenyanga Ka March 2026?
I SASSA isizikhiphile izinsuku zokuhola iqolo zenyanga ka March 2026. Lezinsuku zifaka pahakathi zonke izibonelelo zikaHulumeni wase South Africa. Lezizinsuku ke zimi kanjena:
Iqolo Lezalukazi – 2 March 2026
| Uhlobo Lweqolo | Usuku Lokuhola (March 2026) | Inothi |
|---|---|---|
| Iqolo labadala (old age/older persons grant) | Lwesibili, 3 March 2026 | Iqolo labadala liqala kubantu abaneminyaka engaphezu kuka-60 |
| Iqolo labantu abakhubazekile | Lwesithathu, 4 March 2026 | Leli elabantu abanokukhubazeka okugunyaziwe |
| Iqolo Lezingane nezintandane | Lwesine, 5 March 2026 | Leli iqolo lezingane ezinakekelwa abantu abathize abagunyaziwe ngezizathu ezithile ezisemthethweni. |
| Iqolo labangasebenzi (SRD) R370 | Liqala mhlaka 23 – 28 March 2026 | Leli yiqolo labantu abangasebenzi nabangenamali abayitholayo yokuziphilisa. Iminyaka yabo ayikakabavumeli ukuthi bahole iqolo labantu abadala |
Liholwa Nini Iqolo Uma Kuqondene Ne Weekend?
Uma usuku lweqolo luqondene ne weekend luyaye luhlehliselwe usuku kwesibili esontweni elilandelayo. Ayikho imali yesibonelelo seqolo eholwa uma kuyi weekend. Ngokunjani uma kusuke kuyiholide imali yeqolo iyaye ihlehliselwe usuku lwesonto elilandelayo.
Liholwa Nini Iqolo Ngokhisimuzi?
Uma ngabe kuyinyanga ka Khisimuzi, izinsuku zokuholwa kweqolo azishintshi kulezi ezejwayelekile. Kanjalo noba kuqala unyaka omusha alubi khona ushintsho ezinsukwini zeqolo eMzansi.
Izindlela Zokuhola Iqolo eSouth Africa
Ukuze kubelula kuwo wonke umuntu wase South Africa ohola iqolo ukuthola imali yakhe, i SASSA isebenisana neikhungo eithile ngokusemthethweni. Nazi ke izikhungo ongahola kuzo imali yeqolo:
- Ibhange (Bank Account) Uma ufaka i-ID yakho nebhange lakho ekuqaleni, imali ingena ngqo ku-akhawunti yakho ngosuku lokukhokhwa. Ungayisebenzisa nge-ATM, mobile banking, noma POS.
- Cash Send (e.g., Pick n Pay, Boxer, Shoprite, Usave, Checkers) Iningi labantu lithola iqolo ezitolo ezinkulu. Uma ukhethe le ndlela, uthola i-SMS enenombolo ye-PIN noma i-voucher. Hamba esitolo nge-ID yakho futhi uthole imali yakho ngaphandle kwekhadi.
- Izitolo Ezikhokha Iqolo (Retail Stores That Pay SASSA Grants)
- Pick n Pay
- Boxer
- Shoprite
- Usave
- Checkers
- PnP Express
- Spar (kwezinye izindawo)
- Retail stores eziningi zaseGauteng naseKZN (Centurion, Johannesburg, Durban) zisebenza kahle nge-SASSA. Hlala uqinisekisa ukuthi isitolo sakho sihlanganyela ne-SASSA.
Wenza Njani Uma Iqolo Lakho Ungalitholanga?
Kuyenzeka noma kungajwayelekile ukuthi iqolo lakho ungalitholi ngezinsuku eziqondene nawe. Kunezizathu ezivamile eziba yimbangela yalokho. Nazi ke izizathu ezijwayelekile eziba nomthelela: yinkinga yebhange lakho (bank account), ukubuyekezwa kwe-biometric, noma ukulindwa kwebatch (SRD R370).
Nakhu okufanele ukwenze uma ungaholanga kanye nabanye::
- Shayela i-hotline 0800 60 10 11.
- Hamba esikhungweni se-SASSA nge-ID yakho.
- Uma kunesidingo semali esheshayo, cabanga ngokuboleka ngokuhlakanipha (buka izinketho zethu zokuboleka imali ezisebenzayo).
- Bheka i status sakho kwi internet (srd.sassa.gov.za/sc19/status) ngokufaka i ID number yakho
